Uma ngingaba unqgongqoshe wezemfundo. Ngingenza isiqiniseko sokuthi imfundo yezikole ezingaphansi kwahulumeni iyaphucuzeka, siyabona izikole ezingaphansi kwahulumeni izinga lokuphasa alifani nezikole ezizimelele phecelezi ama private schools. Ngingenza isiqiniseko sokuthi izikole zifunda izifundo ezibalulekile kunezifundo ezifundwayo kodwa ezingenawo amathuba emisebenzi, ngaleyondlela izikole ezisemazingeni aphezulu kumele zithathe abafundi abancane abafunda lezozifondo. Ake senze isibonelo: uma kungukuthi izingane zifunde ecollege 90% wazo ezenze marketing azisebenzi, kushuthi ama college komele anciphize abafundi abathatha ku marketing kodwa anyuse ku engineering. Lokho kuzosika ekutheni kube ne balance phakathi kwezifundo kanye namathuba omsebenzi. Izikole kumele zifunde ama computers, kulezinsuku yonke into imayelana nobuchwepheshe, amazwe aphumelele uma ubheka wonke, aphumelele anemali ingoba anobuchwepheshe, bheka imelika iphumelele inobuchwepheshe, china inobuchwepheshe, japani inobuchwephe, uma sinengabo ubuchwepheshe njengezwe angeke siphumelele. Ubuchwepheshe kubala izifundo zamarobots, abo IT, abo Engineering, ukudweba njalo njalo.

Ukunyuselwa amaholo othisha nakho kungaba yinto enhle, ukuze bezoba nomfutho uma beya esikoleni behola kancono. Ukuqeqeshwa kothisha nakho komele bafundele izifundo ezizoyisa phambili umnotho wezwe, kumanje kwentuleka othisha be maths ne physics, ukuvula imifundaze kothisha abenza lezozifundo kuzoqguqguzela othisha abasafunda ukuthi bafundele lezozifundo, izinsiza kufunda kumele zifike ungakaqali unyaka, ukuze kungezoba khona ukuphazamiseka.

umuthi wokuphasa wama students

Umuthi wokuphasa wokuhlakanipha esikoleni

Join Grade 12 students whatsapp group

Grade 12 Matric whatsapp groups

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?
?
 

izincazelo zamaphupho

Iziwasho nemithi

izithakazelo

izisho nezaga

Amagama esizulu izincazelo